Home 9 Literary Archive 9 Poetry 9 Poems by Thulani Sheba

Poems by Thulani Sheba

1.VUKA MUNTU OMUSHA

Vuka ubone muntu omusha.
Vuka wenze muntu omusha.
Vuka kuzwakale muntu omusha.
Vuka ubonakale muntu omusha.

Impilo yakho iphethwe nguwe,
Ikusasa lakho lisezandleni zakho.
Impumelelo yakho yakhiwa nguwe.
Injabulo yakho yakhiwa nguwe.
Ithemba lakho libe kuMdali.

Vuka muntu omusha.
Vuka uyibambe.
Vuka uphokophele.
Ikusasa lakho alingafani nezolo lakho.

Wena uyithemba lesizwe.
Wena uyikusasa lesizwe.
Wena unguvela bahleke.
Wena uyenza kwenzeke.
Ungakwenza kulunge.

Amathuba ayimbaba,
Amakhono angangolwandle,
Imfundo ngeyamahhala,
Amabhizinisi ayavulwa.
Vuka muntu omusha.

Wena awufani nokhokho,
Wena awufani nomndeni wakho.
Amalungelo angakuwe,
Phuma phambili qhawe.
Vuka muntu omusha.
2.THEMBA LAMI

Themba lami lokugcina,
Wena ngikubiza ithemba lami lokugqina,
Ngoba elokuqala lafika langishiya.
Ubuhlungu sebuphelile ingqondo ayisoze yakhohlwa.
Kepha inhliziyo seyixolile.

Bethanda bengathandi noma umhlaba ungangenza inhlekisa,
Kepha mina ngizobambela kuwe kuhle kohlanya.
Ngizonamathela kuwe kuhle kweshungami inamathele ekhanda.

Angikuthandi njengami,
kepha ngikuthanda njengawe uthanda mina.
Uma ngishiya wena kuyobe angiyazi into engiyenzayo,
Kuyomele ngithule ngingakhulumi lutho ngothando,
Ngoba wena uwuthando uqobo.
Sthandwa somphefumulo wami uma ngishiya wena kuyobe ngishiya impilo yami uqobo.

Themba lami ngithathe ungithande,
Ngimi phambi kwakho ngiyababaza,
Hha ngomlomo,
Kepha ngenhliziyo nangothando.,
3.SAPHELA ISIZWE

Saphela isizwe sakithi,
Saphela isizwe esimnyama,
Sapkela isizwe sako Madiba,
Saphela isizwe sakwethu.

Bashabalala abahlobo bethu,
Zahamba izithandwa zethu,
Saphela isizwe sakwethu.

Ingabe yini le ebulala isizwe kangaka,
Ingabe yini le egwinya isizwe sakwethu,
Bahamba abadumile,
Bahamba abangaziwa,
Saphela isizwe sakwethu.

Bahamba abakholwayo,
Bahamba abangakholwa,
Ingabe mhlaba wenziwani,
Usuqeda isizwe kangaka,
Sesiyaphela isizwe sakwethu.
4.IZIDAKAMIZWA

Zidakamizwa
Zidakamizwa ngabe wavelaphi?
Ingabe walethwa ngubani?
Ungumqedi wesizwe sakwethu,
Ungumqedi wemindeni yabantu.

Zidakamizwa
Uyibulele imizwa yabantu,
Wayiqeda imizi yabantu,
Wayiqeda injabulo yabantu,
Ngabe ungowakwabani.

Baphelile abantu nguwe,
Intsha yakwethu iyaphela,
Isiphila ngawe imihla nezolo,
Imfundo sekwaba ngukudlala,
Ngenxa yakho.

Ungumbulali wesizwe,
Umqedi wekusasa,
Ungumbulali wamaphupho,
Ngabe wavelaphi?